Johannesburg - Indoda eneminyaka engu-25 ubudala ishonile ngesikhathi ishayiswa yimoto iwela emgwaqeni ongu-M19 ngaseReservoir Hiss, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo esifundazweni saKwaZulu -Natal.
Umshayeli wemoto utshele abahambisa usizo wathi indoda ibigijima izama ukuwela emgwaqeni, yase ishayiseka," kusho okhulumela abakwa-ER24, uRussel Meiring.
Indoda ishonele endaweni yesehlakalo, umshayeli waphuma engenamyocu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).