Johannesburg - Kushone indoda ngesikhathi iloli lilala amankiyane ku-N1 ngaseBloemfontein, kusho abosizo oluphuthumayo abafike sekuvele sekonakele.
"Abosizo lokuqala bafike umuntu oyedwa eseshonile, omunye watholakala elimele esesimeni esibucayi," kusho okhulumela abe-Netcare 911 uSanti Steinmann.
Umlisa olimele uthole ukuhlengwa endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba aphuthunyswe esibhedlela ukuyothola ukwelashwa okunzulu.
USteinmann uthi imbangela yengozi ayikaziwa kanti amaphoyisa ayaphenya.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).