Johannesburg – Kushone indoda ngesikhathi kuqubuka umlilo emjondolo wayo ekuseni ngeSonto eFinetown, eningizimu neGoli, kusho abezimo eziphuthumayo kuleli dolobha.
"Kukholakala ukuthi le ndoda ibiyodwa ngesikhathi kuqala lo mlilo. Ibulawe ukuhogela intuthu,” kusho okhulumela ithimba uRobert Mulaudzi esitatimendeni.
Le ndoda ihlonzwe njengeshonile khona endaweni yesigameko, kanti umlilo kukholakala ukuthi uqale ezintatha ngo-01:00.
OLUNYE UDABA: Kushone indoda emlilweni eKapa
Imbangela yomlilo ayaziwa okwamanje kepha ithimba lezinhlekelele liyaphenya.
"Sithanda ukunxusa imiphakathi, ikakhulukazi labo abahlala emijondolo, ukuthi baqaphele uma besebenzisa amakhandlela nezitofu zikaphalafini ukuze kugwemeke izigameko ezifuze lesi,” kusho uMulaudzi.