Johannesburg – Kushone ingane eneminyaka emibili ubudala ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa yabe isiphenduka KwaZulu-Natal ngeSonto ntambama, kusho abosizo lokuqala.
Okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann uthe abanye abantu abayisithupha bathole ukulimala kule ngozi eyenzeke ku-R614 phakathi kwaseWartburg nasoThongathi.
Funda nalolu daba: Kumshubele obanjwe eqhoqhobele unkosikazi womuntu
Imoto yohlobo lwe-Opel Corsa iphume emgwaqeni, yayoshayisa isigxobo sikagesi yabe isiphenduka, yachithela ingane ngaphandle.
Ingane ishonele khona lapho endaweni yesehlakalo.
Abasindile bathole usizo lokuqala endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.