Johannesburg - Kushone isikhulu esisebenza ngaphansi koMnyango wezoHulumeni baseKhaya eNorth West ngesikhathi sehlelwa yingozi yomgwaqo, kusho uMnyango ngoMgqibelo.
"UCollen Maine usedlulisele amazwi enduduzo emndenini olahlekelwe ngemuva kwengozi eyenzeke ngoLwesihlanu phakathi kweKoster neLichtenburg...," kusho uBen Bole esitatimendeni.
"Umshayeli wemoto usathola ukwelashwa esibhedlela esiseKlerksdorp."
OLUNYE UDABA: Kushone isikhulu soMnyango wezeMfundo e-KZN
Ngokombiko woMnyango, lezi zikhulu zombili bezisuka eRustenburg ngesikhathi ziphunyukwa yimoto, yaphaphalaza yaphuma emgwaqeni.
UMaine uqinise umndeni olahlekelwe idolo.
“Silahlekelwe kakhulu sonke. Sifisa nalesi sikhulu esilimele sengathi singalulama ngokushesha,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter