Johannesburg - Kushone umuntu wesihlanu kulandela ingozi yangesonto eledlule phakathi kwetekisi nemoto yasemakhazeni e-Uitenhage, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.
"Umuntu wesihlanu ushone ngoMgqibelo. Ngowesifazane oneminyaka engu-29 ubudala," kusho uLieutenant Colonel Priscilla Naidu esitatimendeni.
Lo wesifazane wayengumgibeli kule tekisi eyashayisana neveni yasemakhazeni ngoLwesihlanu.
Umshayeli nabanye abagibeli ababili bashonela endaweni yesehlakalo kwathi owayegibele iveni washonela esibhedlela ngakusa.
Abanye abantu ababili bangeniswa esibhedlela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.