Share

Kushone owesilisa nowesifazane engozini yaseGoli

Johannesburg – Kushone owesilisa nowesifazane kwathi abanye ababili balimala kanzima ngesikhathi kushayisana izimoto emgwaqweni eClayville eMidrand ngeSonto ekuseni ngokusho kwabosizo lokuqala.

“AbakwaNetcare 911 bafike endaweni yesigameko kwibhuloho lase-Olifantspruit bathola ukuthi imoto eyodwa iginqike yaphenduka yashayisa nenye imoto,” kusho uChris Botha okhulumela abakwaNetcare 911.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ushayiswe yimoto washona eMagaliesburg

“Ngemuva kokuhlola isimo kutholakale ukuthi owesilisa nowesifazane abaseminyakeni ekuma-20 ubudala bashonile ngenxa yokulimala kanzima kwathi abanye ababili bathola ukulimala ezindaweni ezibucayi,” echaza enanela ngokuthi oyedwa uthole imihuzuko engatheni.

Ngemuva kokuba belashelwe endaweni yesigameko abalimele babe sebephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Imbangela yale ngozi eyenzeke ezintatha ngeSonto ibingakaziwa kanti amaphoyisa aseqale uphenyo.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 547 votes
No! It's time to move on ...
34% - 286 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.81
-0.0%
Rand - Euro
20.40
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.43
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
931.40
+0.6%
Palladium
995.00
+0.5%
Gold
2,335.66
+0.1%
Silver
27.58
+0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE