Durban - Izingozi eziyisithupha zesithuthuthu zishiye abantu abangu-8 belimele okuhlanganisa nomshayeli wemoto, ngokusho kwabosizo lokuqala ngoLwesibili.
Lezi zingozi zenzeke ngoLwesithathu kwaholela ekutheni kushone nomshayeli wesithuthuthu.
Okhulumela abakwa-Rescue Care Garrith Jamieson, uthe ziyanda izibalo zezingozi zezithuthuthu.
Uqhube wathi nakuba esebe kulo mkhakha iminyaka engu-15 kodwa izingozi ezifuze lezi azijwayeleki.
OLUNYE UDABA: Usenkingeni umnikazi wenja elume izaguga
Uthe abashayeli bezithuthuthu abathathu basegunjini labagula kakhulu ezibhedlela.
UJamieson uthe ngeke asole ukushibilika komgwaqo ngalezi zingozi ngoba bekunganethi.
Uthe ngokophenyo lwabo bathole ukuthi lezi zingozi zidalwe ukushayela budedengu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter