Durban – Kushone abantu abathathu abahlanganisa nengane yomfana eneminyaka eyisithupha ubudala, ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo kuVan Reenen's Pass, ngoLwesihlanu ekuseni, khona namhlanje, kusho abaKwaZulu-Natal Road Traffic Inspectorate.
Okhulumela ezemigwaqo uZinhle Mngomezulu, uthi umfana oneminyaka eyishumi ubudala uphuthunyiswe esibedlela eLadysmith, usesimweni esibucayi.
Umndeni owehlelwe yingozi ubusuka eThekwini, uhamba ngemoto eyiveni.
Kukholakla ukuthi kuqhume isondo leveni, yase ishayisana neloli, umshayeli weloli akabanga namyocu.
UMngomezulu uthi kunokuphazamiseka kokohamba kwezimoto okwesikhashana.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.