Kwesinye isigameko, kulimale indoda ngesikhathi iveni ilala amankeyane emgwaqeni u-R33 ngaseHelpmekaar ngoLwesihlanu, kusho okhulumela i-Emergency Medical Services uRobert Mckenzie.
Le ndoda ithole ukwelashwa endaweni yesigameko yase iphuthunyiswa esibhedlela.
UMckenzie uthe kuyangabazeka ukuthi lezi zingozi azibangwanga yisimo sezulu esibi, yize isifundazwe silindele ukuba likhithike.
"Ukucaci kahle ukuthi kube yini imbangela yalezi zingozi kanti amaphoyisa aqhuba uphenyo,” esho.
Njengoba ezoqhubeka nokushubisa umnkantsha amakhaza esifundazweni kuphinde kunethe nemvula, uMckenzie usenxuse abashayeli ukuba baqikelele uma beshayela.
"Uma nihamba amabanga amade noma niya kobona isithwathwa, nikhumbule ukuthi imigwaqo izobe ishibilika ngakho uhambo lungase luthathe isikhathi esithe xaxa.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho