Johannesburg - Kushone umuntu oyedwa ngesikhathi imoyo abehamba ngayo iginqika endaweni yaseWaterfall, esifundazweni saKwaZulu-Natal.
"Kukholakala ukuthi umshayeli uhluleke ukulawula imoto yakhe, yase ishaya unqgomphothwe. Imoto ibachithele ngaphandle abantu abathathu ebebephakathi,"kusho okhulumela abakwa-ER24, uChitra Bodasing.
Oyedwa ushonele endawni yesehlakalo, abanye bathola ukulimala.
Umshayeli nabagibeli bakhe bebelibhekise eMolweni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.