Johannesburg - Kushone umvukuzi ngesikhathi kuwa idwala emayini iMoab Khotsong ngase-Orkney eNorth West, kusho inkampani i-AngloGold Ashanti Limited ngoLwesihlanu.
"...Ushaywe yitshe ngesikhathi liwela kuyena ngabo-13:45 ngoLwesine," kusho le nkampani esitatimendeni.
"Ube esephuthunyiswa esibhedlela kepha ngebhadi wagcina ngokushona."
Kube sekumiswa umsebenzi kule mayini ngoLwesine ebusuku.
Kulindeleke ukuthi kuhlolwe indawo yesehlakalo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA