Johannesburg – Umvukuzi oshayela imishini emathunjini omhlaba ushonile ngesikhathi evelelwa yingozi ngaphansi komhlaba emayini yaseMponeng, eCarletonville, kusho i-AngloGold Ashanti Limited.
"I-AngloGold Ashanti idumele kakhulu ngokumemezela ukushona komvukuzi eMponeng Mine,” kusho le nkampani esitatimendeni. "Umufi, oshayela imishini, ushone ngesikhathi evelelwa yingozi ngalo mshini ahamba ngawo ngaphansi komhlaba ngoLwesine ntambama.”