Johannesburg - Kushone ingane endaweni yaseKagiso eWest Rand enyathelwe abantu abebetapa impahla esitolo sabokufika, kusho amaphoyisa kazwelonke ngoMgqibelo.
"Ingane yomfana enezinyanga ezingu-13 ubudala ishone ngemuva kokunyathelwa yisixuku sabantu abebetapa impahla ngoLwesihlanu ntambama,” kusho uLt-Gen Solomon Makgale.
Funda nalolu daba: Angazi namanje ingane yami yabulawelwani.
Abantu bebetapa impahla esitolo base bephazanyiswa ukufika kwamaphoyisa, usho kanje.
Isixuku sabantu ebesibaleka siwise umama obephethe ingane.
"Khona lapho ingane yawela phansi, abantu bayigxoba ngesikhathi bebaleka, yashonela khona lapho.”
Kuvulwe icala lokubulala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.