Ladysmith – Kusize ukungenelela kwabakasidlodlo ukudambisa udlame lwababhikishi ngesikhathi bevuka indlobane bekhala ngokuqgoza kwentuthuko eMhlumayo ngaphansi kamasipala waseNdaka maphakathi neKwaZulu Natal.
Ngokubika kwezindaba ze-SABC umphakathi wakule ndawo obugane unwabu ubhikishe ngoLwesithathu ekusenni ukhala ngezidingo zempilo okubalwa kuzo amanzi nogesi.
Kuthiwa laba babhikishi bavale umgwaqo ngezinguzunga zamatshe bashisa namasondo ezimoto emgwaqweni.
Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe baphoqeleke ukuba bagudluze amatshe namasondo abesha ngesikhathi befuna ukufinyelela kule ndawo.
“Isimo sesidambile eMhlumayo futhi amaphoyisa asasiqaphile isimo,” kusho uZwane.
Echaza ngokwenzekile uZwane uthe amalungu omphakathi abalelwa ku-200 bangenele umbhikisho ongavumelekile njengoba bebengenayo incwadi ebagunyazayo.
Baqale ngokuvala umgwaqo uZakheni, babe sebeshisa amasondo ezimoto nokunye,” kusho Zwane enanela ngokuthi amaphoyisa asaziqhubeka nokuzinza endaweni ukuqhapha isimo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho