Johannesburg – Amaphoyisa akholelwa ukuthi ukuqgekezwa kwamahhovisi oKlebe nawe-Interpol kwenziwe abantu abajwayele ukuvakashela leli bhilidi.
Uphinde wathi amaphoyisa ezwe ngalesi sehlo ngoMsombuluko.
"Leli ibhilidi eliqashwe abantu abaningi kanti oKlebe nabe-Interpol bangabanye abaqashe khona," kusho uMakgale.
NgoMhlaka-30 Julayi uMakgale wathi amaphoyisa ayaphenya ngokugqekezwa okwenzeka kulo leliya bhilidi okwalahleka khona izimpahla ezimbalwa, kubalwa ama-laptop, amakhamera, nama-tablet.
Amaphoyisa aqaphela ngalesi sehlo ngomhlaka-27 Julayi.
"Sisola ukuthi abantu ababodwa ababegqekeze emahhovisini oKlebe nawe-Interpol."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho