Umholi we-DA esiShayamthetho uSizwe Mchunu uqinisekise lesi sitatimende ngoMsombuluko,wathi iqembu “limangele kakhulu” ngombiko wophenyo wathi bazoluqapha ngelokhozi lolu phenyo, kubika iDaily News.
“Okwamanje kubukeka sengathi lo mlilo uqalwe ngumuntu noma abantu. Siphinde saxwayiswa ngokuthi kunabantu abazama ukucekela phansi ulwazi esilugcinile, okubalwa ngisho olukumakhompyutha nasemishinini yokugaya amaphepha,” kusho uMchunu.
OLUNYE UDABA: Kushe amahhovisi eDA eKZN
Uthe i-DA izoxoxisana noNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, ukuba afake isandla kulolu phenyo.
Lo mlilo wacekela phansi amagumbi ayisishiyagalolunye emahhovisi e-DA.
Lo mlilo owenzeka ngoLwesithathu olwedlule wacekela phansi inqwaba yemiqingo yolwazi.
Ngo-Agasti kwasha amahhovisi eNkatha Freedom Party kusona ku lesi siShayamthetho.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter