Share

Kusolwa ukuthakathwa ngokugula kukaMagwaza-Msibi

Johannesburg - Kubikwa ukuthi indodakazi yomholi weNational Freedom Party uZanele KaMagwaza-Msibi  engumlingisikazi uGugu Gumede ingene esibhedlela ngemuva kokubona isimo sikanina.


UKaMagwaza-Msibi waphuthunyiswa esibhedlela ngeSonto eledlule kanti kunamahlebezi athi uhlaselwe yisifo sohlangothi. 

Imithombo ibike ukuthi ubekwe egumbini laba gula kakhulu ngesikhathi isimo sakhe sibabucayi.

Umthombo osendelene nabomndeni uthe uGugu ngemuva kokubona isimo sikanina uvele wagula.

UGugu akatholakalanga ukuba aphawule.

UKaMagwaza-Msibi  uphinde abe yiPhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe.

OLUNYE UDABA: Ingeniswe esibhedlela ixinekile inkakha yePirates

Okhulumela ungqongqoshe uCanaan Mdletshe uthe uKaMagwaza-Msibi usesimweni esikahle kanti noGugu uphilile.

NgoLwesibili uMdletshe uKaMagwaza-Msibi ubelihamba lonke elakuleli kanti kusolwa ukuthi yikho okuholele ekuguleni kwakhe. "Njengamanje usaphumula".

Kubikwa ukuthi ukunqatshelwa kwabanye babaholi beNFP ukuba bayobona oKaMagwaza-Msibi esibhedlela kususe izinsolo ngesimo sakhe.
 
Omunye wabaholi beNFP utshele iDaily Sun ukuthi abaholi beqembu basola ukuthi abomdeni bakholwa wukuthi uKaMagwaza-Msibi uyathakathwa ngemuva kwemibiko yokuthi kufanele agudluke esikhundleni sokuba ngumholi weqembu.

"Siyasihlonipha isinqumo somndeni kodwa ungumholi wethu," kusho lo mholi elingadalulwanga igama lakhe.

"Amalungu afuna izimpendulo. Sifisa ukuba amalungu esigungu esiphezulu eqenjini avunyelwe ukuyomubona ukuze ezokwazi ukukhipha isitatimende emphakathini."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                                      

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 396 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 558 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE