Share

Kusuke isidumo kubangwa imali 'yeqolo'

Johannesburg - Ubaba wengane uzame ukubulala ingane ngokuyicwilisa emanzini wagwaza nomama wayo ngoba umama engafuni ukuyobhalisela imali yesibonelelo.

Lo baba obethukuthele egane unwabu ugcine eseyilimaze umqala wayiphula nengalo.

Ingane iphuthunyiswe esibhedlela iPelonomi kulandela lesi sigameko esenzeke ekhaya likamama wengane oneminyaka engu-16 ubudala elisePieter Swart elokishini laseMangaung, eFree State.

Ugogo wengane utshele abeDaily Sun wathi: "Ubaba wengane wafika ngoLwesihlanu ngesikhathi ngingekho ngisemsebenzini waphoqa indodakazi yami ukuba ibhalisele imali yesibonelelo."

"Wayefuna ukuba bahambe bobabili baye kwaSassa kodwa wanqaba."

Wahlwitha ingane wayifaka phakathi ebhakedeni.

Umama ezama ukusindisa ingane wayidonsa kuyise wabe esemgwaza ngaphambi kokuba ebaleke.

Lo wesilisa akasebenzi, kunokuthi ayofuna umsebenzi ubona kuncono athole imali esheshayo, kusho umbiko.

Bekhuluma nethimba lephephandaba esibhedlela umama wengane uthe: "Ngiyayisabela impilo yami. Ngifisa aboshwe."

UConstable Joy Xaba uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokulimaza.

Umsolwa usagcwele amathafa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 960 votes
No! It's time to move on ...
33% - 466 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE