Durban - Imibiko yakamuva ithi iphoyisa lakwaDabeka elizidubule lazibulala, ngemuva kokuthi lidubule intombi yalo, beliyisabisa okwenyoka intombi, liyibiza ngenkanyamba.
ULizwi Mkhize, 33, uzidubule wazibulala kwathi intombi yakhe uMbali Nqubeka, 22, wasinda, wangeniswa esibhedlela, kusho abezindaba ze-EyethuNews.
Abangane bakaMkhize bathi ubeyibiza ngenkanyamba intombi yakhe, kuthi uma imfonela emukela ucingo, athi kubo ”nansi inkanyamba” ifona.