Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Xoli Mbele uthe isangoma lesi, 35, besihlala emkhukhwini namanye amadoda amabili, uthi ngoLwesithathu ebusuku, isangoma sakhokhobela lo mlisa mumbe oneminyaka engu-24 ubudala, samdlwengula ngesikhathi elele.
"Wamkhumula izingubo, wambamba ngenkani wamdlwengula, akucaci kahle ukuthi wayekuphi lona wesithathu ngesikhathi kwenzeka isehlakalo."
"Lona wakwazi ukweqa abaleke ngemuva kokudlwengulwa, wabe esebiza maphoyisa," kusho uMbele.
Umsolwa uzovela ngaphambi KweNkantolo yeMantshi eGoli maduzane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).