Johannesburg – Owesilisa wasePort Elizabeth osolwa ngokuthengela umkakhe obenguthisha esikoleni samabanga aphansi izinkabi, kusolakala ukuthi ubeneshende.
Amaphoyisa apheke ngemibuzo uChanelle Coutts, 26, ngokuthi wazana kanjani noChristopher Panayiotou, okulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.
UCoutts, oyimenenja esitolo sikaPanayiotou, kuthiwa ufana ncamashi nomufi uJayde Panayiotou.
OLUNYE UDABA:
Imithombo ithi lo somabhizinisi noCoutts bebehlezi bebonakala bendawonye futhi kucacile ukuthi bayathandana.
Ukuboshwa kukaPanayiotou nokuvela kwezinsolo zokuthi ubeqonyiwe, kushiye umphakathi ushaqekile.
Kwaboshwa uThando Siyoli, ongunogada wendawo yokucima ukoma kaPanayiotou, owabe esegonyuluka emaphoyiseni ukuthi wathengwa ngumyeni kamufi ukuba afune abantu abazosoconga uJayde.