Johannesburg - Indoda esolwa ngokudlwengula izingane ezingaphezu kwezingu-20 isibalo endaweni yaseThembisa nase-Olifantsfontein yangcoba izisulu ezimbili into ewumuthi ukuze ziphenduke izinothongo zakhe, lokhu kulalelwe eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Njengamanje kuqulwa icala likaPeter Dashboy Khoza enkantolo eNkulu yaseGoli ehlezi enkantolo yeMnatshi yasePalm Ridge, enyakatho nempumalamga yeGoli.
UKhoza ubhekene namacala angu-152 kubalwa nawu-46 okuthumba, angu-29 okudlwengula nangu-28 okushaya ngenhloso yokulimaza.
OLUNYE UDABA: Ona-11 uzalele umdlwenguli wakhe
UKhoza uwaphike wonke amacala athweswe wona, kubika iTimesLive.
Kusolwa ukuthi lezi sigameko wazenza phakathi konyaka wango-2007 no-2012 kanti wayematasa nezingane ezineminyaka ebalelwa kwengu-9 ubudala ezindaweni zasenyakathonempumalanga neGoli.