"Siphenya isizinda sawo lamabhomu," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Tsekiso Mofokeng.
Izikhali zitholakale ngoLwesithathu ngemuva kokuncinzwa indlebe izakhamuzi.
UMofokeng ube esecela izakhamuzi ukuba ziwazise amaphoyisa uma kuvela ezinye iziqhumane.
OLUNYE UDABA: Kushone 1 kwalimala 1 kuqhuma 'ibhomu' ePitoli
UMofokeng uphinde wathi lezi ziqhumane azihlangene nalezo ezatholakala epitoli ngaphambilini kuleli sonto.
"Sisaphenya ngala mabhomu kanti awahlangani nalawa atholakala ngoMsombuluko.
"Okwamanje sisazama ukuphenya ukuthi ngabe ekabani le ndawo okutholakalae kuyo amabhomu," kuqhuba uMofokeng.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter