Durban – Kutholakale isidumbu sosana olusolakala ukuthi lunezinyanga ezimbalwa luzelwe emgqonyeni kamasipala obugingqwe abashayeli bamatekisi ngesikhathi bebhikisha maphakathi neTheku.
Okhulumela abakwaRescueCare uGarrith Jamieson uthe abosizo lokuqala babiziwe ngemuva kokutholakala kwalolu sana eceleni komgwaqo.
“Lesi yisigameko esihlasimulisa umzimba kuzozonke esengike ngazibona.
OLUNYE UDABA:Utholakale eseyisidumbu umfundi obenyamalele
"Isidumbu salolu sana bese siqala ukonakala njengoba sibukeka njengesosana olunezinyanga ezimbalwa luzelwe.
"Besilaxazwe phakathi emgqonyeni ochithwe ababhikishi,” esho.
“Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko kanti abeselungisela ukuqala uphenyo,” eqhuba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho