Johannesburg - AbakwaSA National Parks (SANParks), bathi benze imali engaba ngu-R80 million, kuthengiswa obhejane abangu-354, kusukela ngonyaka ka-2010.
Umbiko ukhishwe uNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo u-Edna Molewa.
Ephendula umbuzo wePhalamende, uMolewa uthe angeke adalula ukuthi ngubani owathengiselwa obhejane, wathi imali yabo yafakwa ekuqhubeni umsebenzi.
"AbakwaSANParks bafaka yonke imali etholakale ngokudayiswa kwezilwane ngaphansi kohlelo iPark Development Fund," kusho ungqongqoshe.
Balinganiselwa ku-558 obhejane abazingeliwe kusukela kuqale unyaka, bangu-48 abazingelwe esifundazweni saKwaZulu -Natal.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.