Johannesburg - Kutholakale owesifazane oneminyaka engu-62 ubudala ebulewe emzini wakhe oseLenasia e-Extension 9 ngoLwesine, kusho amaphoyisa aseGoli.
Owesifazane ubehlala nendodana yakhe kanye nonkosikazi wayo, kusho uLieutenant Kay Makhubela.
"Bona bahambe baya emsebenzini ekuseni baze babuya ngezithuba zabo-18:00 bathola kugqekezile,” kusho uMakhubela.