Durban – Kutholakale owesifazane egwaziwe emzini wakhe oKwaZulu-Natal endaweni yaseManaba Beach ngoLwesibili ekuseni, kusho abakwaNetcare 911.
Okhulumela abakwaNetcare 911, uChris Botha, uthe ngokusho kwezakhamuzi, kungene izigebengu emzini wakhe zabe sezimgwaza.
Funda nalolu daba: Sekutshwalwe amasosha ukubhekana nolwabokufika
Uthe imininingwane ecacile ngesehlakalo ibingakatholakali kanti amaphoyisa yiwona azokwenza uphenyo bese bese eyaphawula.
“Abosizo lokuqala bafike endaweni yesehlakalo bathola owesifazane enamanxeba okugwazwa.”
Bazamile ukumhlenga kodwa ngeshwa ubeseshonile, ukusho uBotha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.