Cape Town – Usana lugcinwe esibhedlela ukuze luxilongwe kulandela ukutholakala luntshingwe ngasegcekeni lesikole eKapa ngoLwesibili.
Lolu sana, oluhlawumbiselwa ezinyangeni ezimbili nezine luzelwe, lutholwe umuntu obedlula ngendlela lugoqwe ngengubo eWoodlands, eMitchell's Plain.
Esitatimendeni, amaphoyisa aqinisekisile ukuthi le ngane ibe isiyiswa eLentegeur District Hospital ukuze iyoxilongwa.
OLUNYE UDABA: Lusindile usana olungcwatshwe luphila
Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni utshele iNews24 ukuthi le ngane yentombazane ibukela ingumqemane futhi bekubonakala ukuthi ibiphethwe kahle.
“Le ngane akubukeki sengathi ibinganakiwe. Le ndawo ekutholakale khona lolu sana isetshenziswa abantu abahamba ngezinyawo,” kusho iphoyisa.
Le ngane ibilahlwe nesikhwama sayo esinezimpahla.
Amaphoyisa aphenya icala kanti kucelwa onolwazi ukuba ashayele uDetective Warrant Officer Nicholas du Plessis ku-079 890 6862.