Share

Kutholwe ingane ena-4 elimale kubhidlika isonto

Lagos – Kubikwa ukuthi kutholakale ingane yentombazane eneminyaka emine yaseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi ilamale ngesikhathi kubhidlika isonto iSynagogue Church of All Nations eNigeria eliholwa nguTB Joshua.

Kubikwa ukuthi lokhu kuvezwe yithimba labeGift of the Givers elihambele kule ndawo  eLagos ngoLwesihlanu.

Kuthiwa ukutholakala kwale ngane ogama layo nguZama kuvele ngesikhathi uSheik Mahomed Jamie weGOTG ethungatha owesifazane ngemuva kokuthintwa umndeni wakuleli odukelwe yisihlobo.

OLUNYE UDABA: U-TB Joshua welapha ngisho ingculazi - Umbiko

Ngokusho komsunguli weGOTG u-Imtiaz Sooliman uthe baqale bayombheka esibhedle lona wesifazane.

“Esibhedlela asilutholanga usizo njengoba sxoshwa kanzima,” kucha uSooliman. USooliman uthe uJamie uhambele esinye isibhedlela iSubol eNigeria nokuyilapho ethola khona ukuthi kunengane yentombazane yalimala ngesikhathi kuwa leli bhilidi.

Uthe abanaso isiqiniseko sokuthi abazali basaphula noma bashonile kodwa bazolulandela udaba lwakhe.

Uveze ukuthi uZama usagciniwe esibhedlela kanti akwaziwa ukuthi angase adedelwe nini.

Kubikwa ukuthi isibalo sabantu asebeshonile bakuleli sesinyukele ku-84 sisuka ku-67 owamenyezelwa nguMengameli Jacob Zuma.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 20 votes
Hardly - I prefer streaming online
67% - 660 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 302 votes
Vote
Rand - Dollar
19.18
-0.9%
Rand - Pound
23.86
-0.8%
Rand - Euro
20.43
-0.7%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.6%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
951.90
-0.1%
Palladium
1,031.50
-0.3%
Gold
2,383.57
+0.9%
Silver
28.30
+0.3%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE