Share

Kutholwe izicubu zomzimba wengane ehlathini

Johannesburg -  Izakhamuzi zesigodini sasePhakwe eMsinga zisale zibambe ongezansi ngemuva kokutholakala kwezicubu zomzimba wengane ehlathini.

UBongani Ngubane, nokunguye owazithela phezu kwale mhlola, uthe:"Bengihamba ngifuna izimbuzi zami ehlathini ngesikhathi ngibona enye yabadlwane bami ihudula ikhanda lomuntu esikhotheni.

"Ngethuka ngasho ngejubane ngiyobiza umphakathi. Sisola ukuthi lesi sigameko sihlobene nokwenza imithi ngoba angikaze ngizwe ngomuntu wesifazane okhiphe isisu kule ndawo,"usho nje.

Imilenze nezingalo bekungekho. Izakhamuzi zisola ukuthi le ngane ibulawe kwenye indawo yabe isilahlwa kuleli hlathi.

UNgubane uqhube wathi: "Sesibuze abantu esigodini kodwa akekho owaziyo ngale ngane,
kunzima ukuthola unina ngoba ayikaze yenzeke into efana nale endaweni."

INkosi yendawo uZodlani Mweli ukuqinisekisile ukuthi wabikelwa ngesigameko, wabe esethi uzobiza umhlangano womphakathi maduze.

Uqhube ngokuthi: “Kunzima ukuthola umsolwa."

Owamaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe: "Singakuqinisekisa ukuthi kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa aseMsinga ngemuva kokutholakala kwesidumbu endaweni yasePhakwe."



 -  “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho 

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook




We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 479 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 686 votes
Vote
Rand - Dollar
18.91
+0.1%
Rand - Pound
23.87
+0.1%
Rand - Euro
20.38
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.13
+0.1%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE