Durban - Amaphoyisa aphume inqina ngenhloso yokuthola abenzi bokubi kulandela ukubulawa kwesistela elidala maphakathi neKwaZulu-Natal, okuthiwa lidlwenguliwe lase linklinywa.
Indela leli, 86, litholakale liboshwe izandla nezinyawo eSacred Heart Mission, eXobho, kusho amaphoyisa.
Leli sistela elidabuka e-Austria bese lihlale iminyaka engu-60 kulesi sigodlo, kanti litholwe elinye selishonile egumbini lalo ngeSonto ekuseni.
OLUNYE UDABA: Isimanga isistela libeletha usana
"Kusolakala ukuthi leli sistela lidlwenguliwe ngaphambi kokwebelwa impahla nemali,” kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
Kuthiwa leli sistela belisebenzisana kakhulu nomphakathi ekusizeni izingane ezintulayo.
UZwane uthe amaphoyisa asathungatha abasolwa.
“Kunemikhondo esiyilandelayo. Sinxusa umphakathi ukuthi usize ngolwazi olungase luholele ekuboshweni kwabasolwa.“