Pietermaritzburg - Omasitende abaphula imithetho benza izindodla zemali beqola abantu abaswele abahleli ababhilidini abo angu-120, aseThekwini, kusho abezindaba zeThe Witness, ngoMgqibelo.
Izikhulu zedolobha zikhihle uheheba olunamagama amabhilidi ekuhlaliswe kuwo abantu ngokungemthetho.
Omasitende benza okungenani isamba esingu-R500 000, ngenyanga, kuhlaliswa abantu bokufika abahluphekile.
Funda nalolu daba: Basihluka ngobuntu abokufika
Amaphoyisa abehambisana naboMnyango wezesaKhaya bagasele kula mabhilidi, kwatholakala inqwaba yokufika engenazo nezimvumo.
Kuboshwe abangu-30 ekukhona kubo abesilisa nabesifazane, ekutholakale ukuthi bangena kuleli ngokungemthetho.
Laba bazobuyiselwa emakhaya kungekudala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.