Lowo osebenza ngezinyoka, uRobert Wedderburn, uthi ubizelwe emzini oseCato Ridge eyobamba imfezi yaseMozambique.
UWedderburn utshele iNewswatch wathi indlela elula yokuqinisekisa ukuthi abantu bayaqhelelana nezinyoka ukuthi bagcine izindawo abahlala kuzo zihlanzekile futhi zicentiwe.
OLUNYE UDABA: Kutholakale izinyoka ezimithi eKZN
Uthi yize izinyoka eziningi ezitholakalayo zingeyona ingozi, abantu kumele baqaphele.
''Izinyoka eziyingozi kakhulu kubalwa imamba, imfezi ne-boomslang. Imamba emnyama ibonakala ngombala wayo o-grey nomlomo omnyama ngaphakathi.
"Olunye uhlobo olusabalele eThekwini yiMozambican Cobra, ngakho abantu bayanxuswa ukuba baqaphele,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter