Sibuze abafundi bakuFacebook ukuthi:
Ngabe kwenziwa yini ngempela ukuthi uma kuteleke abantu bamatekisi bafune kume yonke into ekubeni uma kuteleke abanye abantu, kuhlanganisa nabamabhasi, abasondeli bona ngasematekisini?
Abafundi baphawule bathi:
U-Albie K Dlamini uthe: Akubuyiswe uBheki Cele
USthembiso CIci uthe: Cha khona iyaxaka lena yamatekisi njalo bona mabetelekile balwisa nabashayeli bamabhasi kanti bona abangene lapho kufanele uNgqongqoshe wezokuthutha alubheke lolu daba lwamatekisi.
UMondli Nguse uthe: Abamatekisi bawogombela kwesabo. Banomona futhi bawophuma silwe.
UTops Bhengu uthe: Angiboni ukuthi bawophuma silwe yingoba lo msebenzi abanikazi bama tekisi baziqalela wona manjena kubukeka sengathi uhulumeni usewufanisa nowakhe ebengakaze abanike ngisho isenti leli lokubaxhasa.
ULindani Ndlovu uthe: Ulwazi engibona sengathi luyashoda ngoba kuphazamiseka nezinto ezingafanele. Mabafunde ukuzimela nabo benze into yabo.
UJoel Mukelisani KaNkeneza Busane uthe: Kunomona phakathi ngoba bayazi ukuthi uma kuteleke bona siya kuwona amabhasi kanti uma engekho osebenzayo kusho ukuthi akekho engenelwa yimali
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter