Pretoria – Izindawo eziningi ezimataniswa nesehlakalo saseMarikana sango-Agasti 2012, zizohlolwa ngesonto elizayo, kusho ikhombisana kaFarlam ngoMsombuluko.
"Sizohambela eMarikana kanti sicabanga ukuthi lokho kuzothatha usuku lonke,” kusho uSihlalo wekhomishana u-Ian Farlam esigcawini esiqhubeka ePitoli.
"Izinhlaka ziyanxuswa ukuba zikhulume nabaholi bobufakazi mayelana nezindawo abafuna zibhekisiswe kabanzi lingakashoni elangoLwesithathu. Sesike sahambela kwezinye zezindawo phambili,” usho kanje.
Izindawo zizohanjelwa ngoMsombuluko ozayo.
Ikhomishana iphenya ngokushona kwabantu abangu-44 ngesikhathi kunesiteleka eLonmin, eMarikana, kusho eNorth West, ngo-Agasti 2012.
Lulolu hambo kuzobe kubhekwa izindawo okwakuhamba kuzona abavukuzi kanye namaphoyisa nakulezo okwashonela kuzona abantu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.