Kubikwa ukuthi ungqongqoshe uzokwethula lo mkhankaso ngoLwesihlanu eHarrismith lapho ezobe ehambisana khona nohulumeni waseFree State ngokusho kwesitatimende.
OLUNYE UDABA: Kulimale 26 kwehla ingozi eMtshezi
Lo mkhankaso uzohambisana nezindlela ezahlukene ezihambisana nokuphepha emgwaqweeni okubalwa izivimbaniso zomgwaqo ezindaweni eziningi kuleli kanti kuzobu kube nemicimbi yokuqwashisa ukuphepha emgwaqweni.
Kuvele ukuthi kuzobuye kukhuthazwe nabashayeli ukuthi baqikelele emgwaqweni futhi bahloniphe nemithetho yomgwaqo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho