Cape Town - Kuzovulwa ngokusemthethweni isibhedlela esikade sinwetshwa iKarl Bremer esiseBellville, eKapa, ekulindeleke ukuthi sibe sesikwazi ukwamukela nokwelapha abantu kusukela ngenyanga kaSephthemba, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uTheuns Botha.
"Ukunwetshwa kwesibhedlela kuqhutshekiwe ngenyanga eyedlule, kulindeleke kuphothulwe maduzane. Wonke umsebenzi udle isamba esingu-R53 million."
Izinsiza zidle imali elinganisela ku-R20 million.
"Uma sekusebenza indawo yabezimo ezibucayi, konke kuzobe sekuqondile. Sizokwazi ukwamukela iziguli ezivela kwezinye izindawo njengaseTygerberg naseDelft," kusho uBotha.
Okwamanje isibhedlela sikwazi ukwamukela abantu abangu-1000 ngenyanga, isikhungo esisha sizokwamukela abantu abangu-4000.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).