Johannesburg – Kuzokwakhiwa izikole ezintsha ezingu-11 eGauteng, kusho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda uNandi Mayathula-Khoza ngoLwesibili.
"Izikole ezintsha ezisezingeni lesimanje zizoba namagumbi anobuchwepheshe besimanje, obuhlanganisa ama-visual screens," usho kanje etshela izintatheli eGoli.
"Sakha uhlelo olusha lokufunda ngokuthi sakhe izikole ezisezingeni eliphezulu," usho kanje.
Ukwakhiwa kwezikole zalolu hlobo kuzoqala kulo nyaka kanti kulindeleke ukuba kuphothulwe ngonyaka ozayo.
UMayathula-Khoza uthe umklamo wengqalasizinda eMnyangweni wezeMfundo uhlanganisa nokulungiswa kwezinye izikole, ukuzibiyela kanye nokunye.
Uthe sekubekwe eceleni u-R1.3bn ukubhekana nezindleko zaleyo miklamo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.