Pretoria – Kwakungelula konogada baseLonmin ukuvimba isixuku sabavukuzi ababebhikisha bebheke emahhovisi eNational Union of Mineworkers (NUM) ngomhlaka 12 Agasti 2012, kutshelwe ikhomishana kaFarlam ngoMsombuluko.
UJulius Motlogelwa, wophiko lwe-tactical response unit eLonmin, ubebuzwa imibuzo nguKarel Tip, we-NUM no-Aisha Fundi, ongunkosikazi womunye wonogada ababulawa.
"Uzakwenu, uSello Dibakwane, uthe ngemuva kokuxoxisana, nanquma ukuthi nihambe phambi kwesixuku niyoxwayisa amalungu eNUM ngobungozi, kusho uTip.
"Ngabe wena noDibakwane nake naludingida udaba lokuthi kumele nuhambe ngemoto phambi kwesixuku, nitshela ababhikishi ukuthi abajike?
UMotlogelwa uthe ukuvimba abantu abalinganiselwa ku-3 000 kwakungeke kwenzeke.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).