Johannesburg - Imali engaphezu kwengxenye yesigidi yebiwe lapha kugcinwa khona imali ezinkambini ezimbili zamasosha ePotchefstroom, kusho imibiko yephephandaba iBeeld ngoLwesine.
Amasela kuthiwa angene ngopotsho ngoMsombuluko ebusuku, abhoboza uphahla ase egqekeza lapho kugciwa khona imali.
uMbiko uthe i-alamu lafa kudala.
Imali eyebiwe kuthiwa ibibekelwe izidingo zesikhashana ezihlanganisa imali yokugibela nezinye izinto ezincane.
Amasosha oMbutho kanjalo namaphoyisa akwaSouth African police, ayaphenya ngalesi sehlo.
News24