Mbombela – Usomabhizinisi waseMpumalanga ulwela impilo yakhe ngemuva kokudutshulwa phambi kwezisebenzi zakhe ngoLweshlanu.
Usomabhizinisi, uSaleem Patel, udutshulwe emagcekeni ebhizinisi lakhe KaMhlushwa, ngaphandle kwaseMalelane.
Lo somabhizinisi ungumnikazi wePatel Hardware neNaas.
Funda nalolu daba: Ushone kabuhlungu oshone ewela kuthelawayeka
Okhulumela amaphoyisa aseTonga uLieutenant Mzwandile Nyambi uthe: "Siphenya ngecala lokuzama ukubulala uPatel, ongusomabhizinisi odumile endaweni, odutshulwe ekhanda abalisa abangaziwa…abaqonde kuyena ngemuva kokuqeda [ukuthandaza ntambama]."
UNyambi uthe imbangela yesehlakalo ibingakaziwa.
"Akukaboshwa muntu okwamanje. Amaphoyisa asezithendeni zabasolwa kanti futhi sikholelwa ukuthi bebezama ukumsoconga ngoba abasolwa abathathanga lutho, okukhomba khona ukuthi bekungesona isehlakalo sokuphanga.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.