Johannesburg - Ngokombiko weBusiness Day, uCraven uthe wesule esikhundleni sakhe ngenxa yokuthi uVavi uxoshwe ngendlela engafanele.
"Angikwazi ukuvikeka into engavikeleki futhi angihambisani nezinqumo (ezithathiwe),” kusho uCraven.
Funda nalolu daba: Kuxoshwe abasebenzi eposini.
UPatrick Craven usesebenze ngaphansi kweCosatu kusukela ngo-2000, ngesikhathi engumhleli wephephabhuku layo, iThe Shopsteward.
Waqokwa kulesi sikhundla sokukhulumela umfelandawonye ngo-2006.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.