AbakwaNetcare Stork's Nest benhlangane nabakwaSA Breastmilk Reserve (SABR) kanjalo nabakwaSA National Blood Service, bethule umkhankaso ekubhekwe ngawo ukuhlenga izimpilo zomama nezingane njengoba kuqala inyanga yabesifazane.
Imenenja kwaNetcare Stork's Nest uSharlene Swart uthe izibalo zoMnyango wezeMpilo ziveza ukuthi baningi omama nabantwana abashona phakathi kuka-2008 no-2010.
Imenenja kwa-SANBS uVanessa Raju uthe ukushoda ngegazi komama nakho kunomthelela omkhulu ekushoneni kwabo nezingane.
"Abantu abaningi bacabanga ukuthi igazi elinikelwayo lifakwa kubantu ababandakanyeke ezingozini kuphela, bayakholwa wukuthi abantu besifazane baba nezinkinga nabo ngesikhathi bebeletha,” echaza.
"Siyacela abantu ukuthi banikele ngegazi ezikhungweni eziseduze nabo, okungenani kane ngonyaka umuntu ngamunye.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.