Durban - Amadoda amane alahlwe yicala lokubulala nelokuphanga umlimi waseWinterton, KwaZulu-Natal, kanye nokuhlukumeza unkosikazi wakhe.
Ibamba leJaji laseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, u-Anand Maharaj, uthe uMbuso ukwazile ukuveza ukufakazi obuqanda ikhanda bokuthi oSifiso Mabuza, 32, Lindelani Mtshali, 25, Sabelo Ndlovu, 32, noMduduzi Nene, 37, banecala, kubika iDaily News.
La madoda akhale ngaphansi ecaleni lokubulala uMohamed Engar, 67, amabili okuphanga esebenzisa indluzula, ukuzama ukubulala nokuphatha izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
OLUNYE UDABA: Bayavela abasolwa ngokubulala umlimi
Abanye ababili ababesolwa nabo oMbongeleni Nkabinde, 25, noBongani Mazibuko, 27, baphuma phambili kuleli cala ngemuva kokushoda kobufakazi obubayamanisa nalesi sigameko.
U-Engar washona ngemuva kokushaywa kabi wase eyagwazwa ngesikhathi ehlaselwa epulazini lakhe ngoDisemba 2013.
Washonela esibhedlela saseMgungundlovu ngemuva kwezinsuku ezimbili.