Johanneburg - INkantolo kaMantshi waseTonga, ilichithile icala ebelibekwe indoda ekuthiwa yadlwengula owabe eyintombi yayo, kusho umbiko wamaphoyisa.
"Ngiyalichitha icala lakho ngoba kushoda ubufakazi obungaholela ekutheni ummangalelwa ashushiswe," kusho iMantshi uHazel Khoza.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uLieutenant Mzwandile Nyambi, indoda eneminyaka engu-40 ubudala yaboshwa ngemuva kokuthi owabe eyintombi, 32, evule icala ethi udlwengulliwe.