Pretoria – Ibhungu elalahlwa yicala lokuklabha ngembazo amalungu omndeni walo amane, lithi lalingenwe amadimo ngelanga lesigameko, ligwetshwe iminyaka engu-20 lisejele.
Lo mfana wayeneminyaka engu-14 ngesikhathi ebulala umama wakhe, 42, ugogo, 58, umfowabo, 5, nodadewabo owayenezinyanga ezine ezelwe, ngembazo.
Wawavuma wonke amacala okubulala ayebekwe wona.
OLUNYE UDABA: Lizibulele ikhehla elihlahlele umkalo ngembazo
IJaji laseNkantolo eNkulu yasePitoli uHennie de Vos ugwebe lo mfana iminyaka engu-20 ngecala ngalinye lokubulala, wathi lesi sigwebo uzosidonsa kanye kanye, kusukela eboshwa ngoMeyi 2013.
Lo mfana wabhala esitatimendeni wathi yena nomngani wakhe babenze umhlatshelo kaSathane ezinsukwini ezandulela lesi sigameko kanti futhi wayebheme insangu ngelanga abulala ngalo umndeni wakhe.