Durban – Icala lomshayeli weloli eyadala ingozi endaweni yasePinetown lihlehlisiwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngenxa yobunzima bokutholakala kwamalungu emndeni eyalahlekelwa ngoLwesihlanu.
IJaji uShyam Giyanda ulihlehlisele umhlaka-28 Novemba icala likaSanele Goodness May.
Umshushisi u-Alistair Walters etshele inkantolo wathi: "Kuzothatha isikhathi ukuthola wonke amalungu emndeni eyalahlekelwa ukuba aphawule."
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owengozi yasePinetown
UMay ubelindeleke ukuba awavume amacala angu-24 okubulala ngokungenhloso kodwa ngokomthetho uMbuso kufanele uxoxisane nawo wonke amalungu emndeni yezisulu.
Ingozi yenzeka ngomhlaka-5 Septhemba ngonyaka odlule emgwaqeni uFields Hill ePinetown KwaZulu-Natal.
UMay uselokhu ahlala ngaphakathi esitokisini kanti wanqatshekwa ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho