Ummangalelwa, uJohn Langeveldt, usolwa ngokugenca umama wakhe, uMinah Langeveldt, 80, udadewabo uHendrika Langeveldt, 40, nomshana wakhe uHendrieta Langeveld, 17, kanye nomunye umshana, uFerdinand Langeveldt, 19.
Kusolakala ukuthi ummangalelwa wavuka umbhejazane ekubo, wahosha imbazo, waqala wagenca umndeni wakhe.
Le ndoda yaboshwa ngeSonto ngemuva kokugcwala amathafa amasonto ayisihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uPriscilla Naidu, uthe icala lihlehliselwe uMeyi 28 kanti uLangeveldt uzogqunywa esitokisini.
Ubhekene namacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter