ULungisa, unkosikazi wakhe, u-Ursula Sali, uThabo Shogolo, noXolisile Guquza bazobuyela enkantolo ngoJuni 9.
Ummeli wabo uThabo Kwinana ucele uMbuso ukuba umhlinzeke ngeminingwane yecala.
UKwinana uthe unamaphepha anohlu lwamacala kuphela kanti kuningi adinga ukukhanyiseleka kukho.
Laba basolwa ngokwamukela base becazelana ngo-R2.5 million owakhokhwa nguMnyango wezobuCiko namaSiko ngemuva kokuthi bethembise ukuletha umculi waphesheka u-R Kelly ekhonsathini iNelson Mandela Sports Day.
Ngaphambilini, uLungisa noShogolo bathola ibheyili ka-R10 000 umuntu ngamunye, kwathi uGuquza wathola eka-R5 000, uSali yena wakhishwa ngesexwayiso.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho